Ubuholi
Ukusindiswa kuka Sanele Ngobese
Zintathu izikhawu uNkulunkulu azenza zaba nesisindo ukudonsela uSanele ekukholweni kwiNkosi uJesu. Ukhulele ekhaya lapho kukhonzwa khona kubaPhostoli abayiShuminambili ( The House of the Twelve Apostles Church). Inkolelo yalelibandla wuku sebenzela usindiso lomphefumulo, ukunikwa isinamathiselo “sikamoya ongcwele” ngokubekwa izandla umphostoli ophilayo, kanye nokunye okuningi.
Ngonyaka ka2011 May, khona kubaphostoli umholi omkhulu wafika nenkulumo ethi kumelwe ibandla lifindiswe ukuthi malikhonze uJesu, lifunde iBhayibheli ngendlela elibhalwe ngayo, likhuleke nangegama likaJesu. Inkulumo ayethula yayibheka kakhulu lokho okushiwo yiBhayibheli ngokubuya kukaJesu. Amanye amazwi uNkulunkulu awenza aba nesisindo kuSanele yilawo akuMathewu 24:30 “Khona kuyakubonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini, bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyibona iNdodana yomuntu iza emafini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu”. Kulapho-ke aqala khona ukuzinikezela isikhathi sokufundisisa iBhayibheli. Ukufunda ngoJesu nangeBhayibheli kulenkonzo kwavusa impikiswano enkulu. Lokho kwaholela uSanele ekutheni agcine ephumile kulenkonzo, ngase kupheleni kuka2014.Lesi yisona isikhawu sokuqala.
Isikhawu sesibili waba naso maphakathi no2014 wahlangabezana nentshumayelo kaPaul Washer eyayikhuluma ngokuthi “all our weaknesses should drive us to God” -ubuthaka bethu bonke bumele busiholele kuNkulunkulu. Isikhawu sesithathu saba ngonyaka ka2015 wahlangabezana nentshumayelo ka kaRC Sproul eyayikhuluma ngoKonakala ngoKuphelele koMuntu (Total Depravity). Zombili lezizintshumayelo zazinikeza ithemba ngokuxolelwa kwezono ngokukholwa kwiNkosi uJesu Khristu. Isikhawu sesibili nesesithathu zadlala enkulu indima ekumenzini azibone ububi bakhe phambi kweNkosi. Kulapho kwakhula khona kuyena ukucaca kokona kwakhe kuNkulunkulu nokuxolelwa kwezono ngokukholwa kuJesu Khristu.
Ngonyaka ka2016 February kwiApp athola kuyona intshumayelo kaPaul Washer wabe esethola ngebandla iLiving Hope Bible Church neHillcrest Baptist Church. Waqala waya eHillcrest ngoba wayeseduzane nakhona. Nokuyilapho ngo2017 abe esevuma phambi kwebandla ukukholwa kwakhe kuJesu njengeNkosi noMsindisi ngokuBhabhadiswa ngamanzi. Ngasekupheleni konyaka ka2017 wabe esezosebenzela eMgungundlovu kwaba ngalesosikhathi esezohlanganyela eLiving Hope Bible Church.
UMndeni ka Sanele Ngobese
USanele ushadelwe ngonyaka ka2015 eshada noSphumelelo Ngobese. UNkulunkulu ubabusisengabantwana bamantombazane abathathu uUnathi (12), uKuhle (7) kanye noNtandoyenkosi (4).
Ukuba nguMfundisi
Ngokuluswa wubuholi bebandla iLHBC, ngonyaka 2023 iNkosi yabe isimunezezela njengomunye wamaElder ebandleni iLHBC. Ngasekupheleni konyaka-u2024 wabe eseqala uqeqesho lokufundisa iZwi leNkosi olwalumiselwe iminyaka emibili. Uqeqeshwa ngaphansi kwalo iBandla iLHBC ngaphansi kukaMfundisi uAndrew Zekveld kanye noRyan Mitchell. Ithuluzi elisetshenziswe iLHBC ukunikezela uqeqesho wuhlelo lwe-XL Ministries olwakhelwe ukuba lisentshenziswe amabandla ukuqeqesha amadoda alangazelele ukuthatha ijoka loMsebenzi weNkosi.
Our Beliefs and Practises
INSINDISO
Sifundisa ukuthi insindiso iwumsebenzi kaNkulunkulu ngokuphelele ngomusa ongenxa yesihlengo
sikaJesu Khristu, ukufaneleka kwegazi Lakhe elaphalala, hhayi ngokokufaneleka komuntu noma
kwemisebenzi yomuntu (NgokukaJohane 1:12; KwabaseEfesu 1:7; 2:8-10; 1 ekaPhethro 1:18-19).
