Izono eziyisikhombisa zevila

Ngiyathemba awubanga nakho ukulwahlekelwa ugqozi lokungena kulesisihloko, uma kube njalo, uwena impela osindingayo!

Ivila …

  1. Lihlezi linezizathu (Izaga 22:13; 26:13)
  2. Alinawo umqondo wokubona izinkinga elizifake kuzona, kodwa abasondelene nalo bayazibona ngokucace bha (Izaga 15:19; 19:15; 24:30; 26:16)
  3. Alilandeli uhlelo oluthize eluzenzele lona (Izaga 20:4)
  4. Liyakuthanda ukulala (Izaga 6:9; 26:14)
  5. Lilindele impilo eza kalula (Izaga19:24; 26:15)
  6. Liyisidina kulabo abasondelene nalo (Izaga 10:26)
  7. Ngokuhamba kwesikhathi liyaxakeka ngenxa yezifiso ezingaphumeleli (Izaga 13:4; 19:15b; 21:25)

Mesabe uNkulunkulu, ungabi ivila.

Scroll to Top