Ukuvuma ingoma ngesikhathi senhlekelele enkulu

Singing during Disaster

IStanza sokuqala siqala ngeqiniso eliduduzanayo kakhulu ngoNkulunkulu esikhathini sezinhlekelele, kodwa siphethe ngalokho okungaba sesigabeni esiphezulu uma kukhulunywa ngezinhlekele zemvelo emlandweni. “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu nosizo lwethu” lawa amazwi avula istanza sokuqala esiphetha ngenhlekelele ebala ndawonye ukuzamazama komhlaba kanye nokushibilika kwezintaba kanye netsunami enamandla okunyakazisa amawa aseduze nolwandle.

UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu,ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.

Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,nakuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuzela, nezintaba zizamazama ngokudlanga kwalo.

Sela

IHubo 46:1-3

IStanza sesibili senza into engajwayelekile. UMhubi uthatha isithombe samanzi esiyingxenye esobala salenhlekelele, bese eyasiphendula sibe yisithombe esiwusizo lokucabanga ngobunjalo bamanzi asezulwini- umfula wokuphila ogeleza edolobheni lasezulwini. Lena yindawo yenjabulo, ubungcwele, nobukhona bukaNkulunkulu kanye nosizo lukaNkulunnkulu. Akukhathaleki ukuthi amandla asemhlabeni amakhulu kunawowonke azamazamisa agqembule kangakanani, uNkulunkulu akanyakaziswa.

Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke.UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa. Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike. USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu.

Sela.

IHubo 46:4-7


Siphinde sibheke inhlekelele yasemhlabeni,istanza sesithathu sichaza ukukholwa kwalobo imiqondo yabo igxila kokwasezulwini ngesikhathi senhlekelele yasemhlabeni. Labo imiqondo yabo igxila kokwaphezulu bayawubona umonakalo wasemhlabeni, kodwa futhi bayasibona isandla sikaNkulunkulu kukona konke- kakhulukazi ukusebenza kwakhe kokuqenda wonke lomonakalo. Labo imiqondo yabo enaka okwaphezulu bayazi ukuthi uNkulunkulu olawula inhlekelele futhi unguNkulunkulu Oqapha labo abaziyo ngokuphakama kwesihlalo Sakhe

Wozani, nibone imisebenzi kaSimakade, incithakalo ayehlisele emhlabeni.

Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba,

wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe,

ngiphakame emhlabeni. USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu.

IHubo 46:8-11


UNkulunkulu impela unguNkulunkulu, futhi labo abakwaziyo lokhu bathola ngisho izinhlekelele ziyisikhathi sokudumisa.

Scroll to Top